Home Search Countries Albums

Umthwalo

NOMFUNDO MOH

Read en Translation

Umthwalo Lyrics

Lalela, lalela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Woza ngapha ungiphumuze

Mamela, mamela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Yizapha undiphumuze

Uyoba yini wena, ongabazi ubunzima bempilo?
Mhla ukuhlwa kufika, uyokhala ungashawanga
Uyokhala ngomama, ukhale ngobaba
Kanti bonke abazi lutho

K'phela nje wena bhekana nenkinga 
(Mhlobo wam' uk' give up-er ak'sizi)
Uthi uyamemeza “ilizwe likuguqukele”
Uyamemeza ucela bekulekelele

Bakufulathele bonke babheke le
Kwenzakalani kwelakithi?
Nhlupheko yomuntu abayigqizi qakala
Kunzima nokukhala, uyomangala kuba?

Lalela, lalela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Woza ngapha ungiphumuze

Mamela, mamela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Yizapha undiphumuze

Shwele, shwele ngiyakhala
Ngemizamo yami engaphumelelanga
Ngiyangqongqoza iminyango iyavalwa
Mangimemeza kuyosabela bani na?
Ib'hlungu inhliziyo yami
Nasebusuku angisalali

Ngiyayizama impilo akulungi
Ngiphatheke kabi ngiyalila
Kunzima nokuletha isinkwa ekhaya
Amaphupho ayashabalala
Ngiphelelwe amandla
Ngiphelelwe ithemba

Lalela, lalela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela, mamela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Yizapha undiphumuze

Lalela, lalela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela, mamela
Hay' uyasinda umthwalo wam'
Impela linzima ijoka lam'
Yizapha undiphumuze

Enjoy Synced Lyrics With Our Mobile App

Download on Google PlayGet it on App Store

WATCH VIDEO

ABOUT THIS SONG


Release Year : 2021


Album : Umthwalo (Single)


Copyright : (c) 2021


Added By : Huntyr Kelx

SEE ALSO

AUTHOR

NOMFUNDO MOH

South Africa

Nomfundo Moh is a singer/songwriter from South Africa. ...

YOU MAY ALSO LIKE