Home Search Countries Albums

Inhlupheko

BIG ZULU Feat. MDUDUZI NCUBE

Read en Translation

Inhlupheko Lyrics


Sawubona mtanami nightemb’ ukuth’ uyaphila
Ngokwegama Ngu Doris ngyabong’usuze wafika
Mzukulu lethamanzi uk’theng’ icold drink ngyafisa
Kodw’ Ikati lilele reziko sibonga umphefumulo masphila

Mntanami angixolise ukuk’moshela isikhathi
Okungenzeka ukuthi umatasa kodwa ngeke ngithath isikhathi
Mzukulu awulethe icansi umalume ake ahlale phansi
Angazi ng’zoqalaphi kodwa ngicel ukuqala phansi

Mangithi ngiya bheka umama ugcwele usizi
Kodwa imbokodo yokuqina le iyibambe ishisa insimbi
Mzukulu uyahlakula kukhal igeja ugcwel insimu
Sesizwa ileya nkomo ukuthi silale sidlile ubisi
Mntanami angikusho lokhu mina ngazalelwa ukuhlupheka
Ngiyinhlekisa emphakathini nginana impuphu noshukela
Abanye bathi ngiya thakatha
Ngithule bengisukela
Angyazi injabulo kodwa ezulwini ngiyokhul leka

[Mduduzi Ncube]
Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
We jsesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuwe

Intokozo
Mina eyami impilo inzima
Njengoba ubona amathuna bonke layikhaya bangishiya
Lo mntwana osemhlane yena ubabakhe wamphika
Kusele mina nomzukulu
Masihamba kuyosala inxiwa
Ngyazi isisho sithi Alikho Ithuna lendlala
Lo mntwana engimtetile unina wamshiya ekhala
Lona omdala uhlale ebuza ukuphi umama
Wahamba eyofuna itoho
Akaphindanga wabuya ekhaya

Mntanami kunzima kunokuphela iviki ngadlile
Ngikhalela umzukulu abuye eskoleni elambile
Kodwa usebenza kanzima
Ukuba nekusasa eliqhakazile
Ukuthi uphuma enhluphekweni
Kodwa ezifundweni uhlal ephasile
Eqinisweni mnatanami mina ngyafisa ubaba angithathe
Kodwa abazukulu mina ngeke ngibalahle
Uyazi isifiso sami ukuthi bafunde baphase
Nali ithawula mntanami bengaqondile ukuthi ukhale

[Mduduzi Ncube]
Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
We jsesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuwe

Ayy liyaphuma liyashona kimi akunamehluko
Yebo ekukhuleni kwami nami ngakhula nginama phupho
Ngyathula nje ngilalele enkonzweni besho amahubo
Isiqalekiso sami ubaba wabamba elentulo
Kwakhala nyonini layikhaya buasiqalekisa
Amathuna anele ebaleni kushoda elami ngivalelise
Bengaqondile ukudabukisa

Ngyaxolisa mntanami akuyona inhloso nje ukubalisa
Namhlanje mntanami asazi siyolala sidleni
Into enokungisiza ukuyothengisa erenkeni
Ngizivulele itafula ngiqokelele osheleni
Kokunye nginokulala khona
Ngivuke ngithengise ekuseni
Kunzima mntanami sidla imbuya ngothi
Angilazi icala lami emhlabeni ngiyi soni
Kodwa sengivumile, injabulo angiyitholi
Angikukhulule mntanami uhambe ilanga lingakashoni

[Mduduzi Ncube]
Kuyoze kube nini isimo singashintshi
Inhlupheko ndikhala ubusuku nemini
Ngothemba kuwe wedwa mdali wami
we jsesu nguwe ithemba lami
Yebo kunzima nethemba lingiphelele
Lobubuhlungu nesimo ngisamukele
Imizamo yami iyophela kuwe
Ngizophumla xa ndifika kuwe

Enjoy Synced Lyrics With Our Mobile App

Download on Google PlayGet it on App Store

WATCH VIDEO

ABOUT THIS SONG


Release Year : 2021


Album : Inhlupheko (Single)


Copyright : (c) 2021 Inkabi Records


Added By : Huntyr Kelx

SEE ALSO

AUTHOR

BIG ZULU

South Africa

Big Zulu is a South Africa rapper musician. ...

YOU MAY ALSO LIKE