Home Search Countries Albums

Ichwane Lenyoka

BIG ZULU

Read en Translation

Ichwane Lenyoka Lyrics


Anginabazali
Ashu! Mina ngichwane lenyoka
Ashu! Anginabazali ngintandane
Mina nginkabi edla yodwa
Anginabazali ngintandane
Anginabani ngintandane
 
Ngangino Ma no baba
Ngikhumbul’ uMa no baba
Ngangino Ma no baba
Yey ngikhumbul’ uMa no baba mina
Mina ngichwane lenyoka
Ngangino Ma no baba
Ngikhumbul’ uMa no baba
Shun Wenkabi

Mina ekukhuleni kwami ngakhula ngingenabazali
Uthando lamama nola baba mina angilazi
Imfudumalo yekhaya, eyentokozo ungayiphathi
Yikho ngichwane lenyoka, ngafunda ukuphanta ngisamncane
Ay ngoba ngangithanda kodwa ngangiphoqwa isimo
Mangithi ngiyacela kuthiw’ ukuphi owakh’ uyihlo
Ngangingane ngimncane ngashesha ngafund’ impilo
Ngangingafun’ okukhulu, ngangingasuthiswa ukudla 
Baba kwasekuphoq’ ukuthi ngiphushe uShun Wenkabi
Ukuze ngival’ indlala, ngilale ngidlile kwakuyinkani
Ngiyikhotha amanxeba, umlomo uhlal’ ugcwele igazi
Engekho engiyokhala kuye izinyembezi zami ziwela phansi

Mina ngichwane lenyoka
Ashu! Anginabazali ngintandane
Mina nginkabi edla yodwa
Anginabazali ngintandane
Anginabani ngintandane

Ngangino Ma no baba (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Ngikhumbul’ uMa no baba (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Ngangino Ma no baba (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Yey ngikhumbul’ uMa no baba mina (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Mina ngichwane lenyoka (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Ngangino Ma no baba (Ngikhumbul’ uMa no baba)
Ngikhumbul’ uMa no baba (Ngikhumbul’ uMa no baba mina)

Enjoy Synced Lyrics With Our Mobile App

Download on Google PlayGet it on App Store

WATCH VIDEO

ABOUT THIS SONG


Release Year : 2021


Album : Ichwane Lenyoka (Album)


Copyright : (c) 2021


Added By : Huntyr Kelx

SEE ALSO

AUTHOR

BIG ZULU

South Africa

Big Zulu is a South Africa rapper musician. ...

YOU MAY ALSO LIKE